PuceDeBarbesLaFaMiLLe8013
11/03/2015 10:53
Citation (Crocop @ 11/03/2015 10:49)

Je ne vois pas pourquoi on braderait nos joueurs, surtout avec le FPF, la C1 c'est la surexposition, la vitrine

il suffit qu'on passe Chelsea et les côtes de nos joueurs exploseront sur le marché.

MHLENGI SHANGASEWADAYISA umuzi, wasula nasemsebenzini ukuze athathe imali yempesheni akhe isikole sabakhubazekile uthishanhloko waKwaZulu-Natal ohlonishwe ngendondo iKader Asmal emncintiswaneni wothisha abavelele.
UNkk Thembisile Mdlalose (59), uthishanhloko nomsunguli weThembimfundo Special School eMbongolwane, eShowe, uhlonishwe ngendondo eqanjwe ngowayenguNgqongqoshe wezeMfundo, uSolwazi Kader Asmal.
UNkk Mdlalose uthole imoto iChevrolet Spark, izindondo, umakhalekhukhwini, i-tablet kanye nemali athe ubengakatshelwa ukuthi izoba umalini.
Umenyezelwe njengobashaye bonke emcimbini obuseMidrand ngempelasonto obuhanjelwe nayiPhini likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Uthe uthando lokusiza izingane ezikhubazekile lwaqala ngo-1999 lapho aqala ukuqasha izindlu zabantu ukuze afundise izingane eziwu-15 ezikhubazekile. Ngalesi sikhathi wayeqashwe njengothisha ogcwele efundisa ezikoleni zikahulumeni.
no thembisile1 UNKK Thembisile Mdlalose owadayisa umuzi wakhe ukuze akhe isikole sabakhubazekile udle umhlanganiso wathola indondo iKader Asmal ngempelasonto. Isithombe: SITHUYELWE SITHUYELWE
Uqale ngothisha ababili, nomama ababesiza abathathu. Kwathi kuphela unyaka sabe sesikhulile isibalo sabafundi saba ngu-35.
“Ngo-2005 ngashiya ebuthisheni ngoba ngangiyenza yomibili le misebenzi ngafuna ukuyogxila ezinganeni ezikhubazekile. Ngashiya ngiyi-Head of Department ngathola u-R112 000 kuhulumeni engathatha ingxenye enkulu ngayifaka ekwakheni isikole.
Ngadayisa nomuzi eMnambithi ngoba ngifuna ukuqhuba lesi sikole saba namakilasi amathathu, amahostela abafana namantombazane, izindlu ezincane, ikhishi nokunye,” usho kanje.
Ngo-2009 uthe uMnyango wezeMfundo ubaqashe ngokugcwele wasithatha isikole wasifukamela.
Uhulumeni ube ususakha kabusha wangeza namanye amakilasi savulwa nyakenye.
“Manje lesi sikole sesikhulile sinabafundi abawu-210, sinothisha abawu-12, abasizi abawu-30. Sesinamakilasi awu-12, amathoyilethi awu-25, sesiyi-double storey kanti sikhulu silingana nalezo ezisemadolobheni. Ngibonga uNgqongqoshe wezemfundo, uMama Nkonyeni (Peggy) ongigqugquzele ukungenela umncintiswano,” usho kanje.
Omunye wothisha olale isithathu ekufundiseni amabanga aphansi, nguNksz Nothando Ndlovu (25) waseWoodlands, eThekwini, kodwa ofundisa eDukuza Primary, eBergville, uthe uthishanhloko wakhe nguyena obemgqugquzela ukuthi angenele.
UNksz Ndlovu, oqale ukufundisa ngo-2012, uthole indondo, izitifiketi, i-tablet kanye no-R20 000.
“Ngibe nothando lokufundisa ngisafunda amabanga aphezulu ngoba ngifuna ukwenza umehluko. Ziningi izinto esizenzayo esikoleni njengengadi, siqwashisa ngezifo ezifana nomdlavuza kanti sisiza nezingane eziswele.”
UNkk Nkonyeni uhalalisele othisha abahlabene kulo mqhudelwano kazwelonke.
“Okokuqala ukuthi i-KZN isebenze kahle kakhulu kulo mncintiswano wama-National Teachers Awards. Sigqugquzela nabanye ukuthi bangenele.”
n ISABC 2 izosakaza umcimbi ngoLwesine kusuka ngo-9 ebusuku kuya ku-11.